YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 13

13
Amazibulo ayahlukaniselwa uJehova
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”
3UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo. 4Namuhla niyaphuma, ngenyanga ka-Abibi. 5 Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga. 6 Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngolwesikhombisa kube khona umkhosi kaJehova. 7Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala sinkwa esivutshelweyo kuwe, kungabonwa namvubelo ezweni lakho lonke. 8Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.’ 9 Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe. 10Ngakho uyakuwugcina lo mthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.
11“Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani, njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona, 12 wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba ngakaJehova. 13Onke amazibulo ezimbongolo wowahlenga ngewundlu; uma ungawahlengi, wowaphula intamo; amazibulo onke abantu kumadodana akho wowahlenga.
14“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila. 15Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.’ 16Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.”
Ukuhamba kwabakwa-Israyeli ukuya eLwandle Olubomvu
17Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.” 18Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.
19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile nokubafungisa abakwa-Israyeli, ethi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela nokunihambela, nikhuphule lapha amathambo ami kanye nani.”
20 Basuka eSukoti; baya bamisa e-Etamu eceleni kwehlane. 21 UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyobahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku. 22Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.

Currently Selected:

U-Eksodusi 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy