YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 9

9
Ukungalaleli kuka-Israyeli ehlane
1 “Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini, 2 abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’ 3 Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.
4 “Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho. 5 Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 6 Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.
7 “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova. 8 NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise. 9 Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi. 10 UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.
11“Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. 12 UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’
13“UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni; 14ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’
15“Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili. 16Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo. 17Ngathatha-ke izibhebhe zombili, ngazilahla ezandleni zami zombili, ngazaphula phambi kwamehlo enu.
18“Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise. 19Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi. 20UJehova wathukuthelela kakhulu u-Aroni ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi. 21 Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.
22 “EThabehera naseMasa naseKibiroti Hathawa namthukuthelisa uJehova.
23 “Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe. 24Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.
25 “Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa. 26Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla. 27Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo, 28 funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.” 29Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’

Currently Selected:

UDuteronomi 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy