YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 10

10
Izibhebhe ezintsha zamatshe
1 “Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi. 2 Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’
3“Ngase ngenza-ke umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami. 4Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona. 5Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”
Ukufa kuka-Aroni
6 Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe. 7Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabata, izwe lemifudlana yamanzi.
Ukwahlukaniswa kwamaLevi
8Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla. 9 Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
10 “Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga. 11UJehova wayesethi kimi: ‘Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.’
Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova
12 “Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, 13ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
14“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo. 15 Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla. 16 Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni. 17 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo. 18Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo. 19 Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe. 20 Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe. 21Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho. 22 Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Currently Selected:

UDuteronomi 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy