YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 12

12
Ukumkhonza uJehova kumelwe ukuba kube sendaweni eyodwa
1“Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni. 2Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, 3 niwadilize ama-altare azo, niziphohloze izinsika zazo, nibashise o-Ashera* bazo ngomlilo, nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo, nesule igama lazo kuleyo ndawo.
4“Nina aniyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wenu. 5 Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo, 6nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu, 7nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.
8“Aniyikwenza njengezinto zonke esizenzayo lapha namuhla, kube yilowo nalowo njengokulungile emehlweni akhe, 9ngokuba anikafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. 10Kepha lapho niwela iJordani, nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile, 11kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova; 12 niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini. 13Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo, 14kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.
15“Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele. 16 Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi. 17Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho, noma okwewayini lakho, noma okwamafutha akho, noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle, noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho, 18 kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho. 19 Xwaya ukuba ungameyisi umLevi isikhathi sonke sokuhlala kwakho ezweni lakho.
20 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukwethembisa kwakhe, uze uthi: ‘Ngiyakudla inyama,’ lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama, ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho. 21Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho. 22Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo. 23 Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama. 24Ungalidli; lithulule emhlabeni njengamanzi. 25Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.
26“Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova, 27unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama. 28Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.
29“Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla, nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo, 30 xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho, ungabuzi ngawonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe zikhonza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.’ 31Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.
32 “Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.

Currently Selected:

UDuteronomi 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy