YouVersion Logo
Search Icon

UDaniyeli 8

8
Inqama nempongo
1 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala. 2Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi. 3Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile, kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva. 4Ngabona inqama iqhubukusha ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu; kwakungekho silo ebesinokuma phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.
5Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba, ingawuthinti umhlaba kodwa; impongo yayinophondo oluqhamileyo emkhathini wamehlo ayo. 6Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili, engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla. 7Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yababa ngayo, yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo, kepha yayiphonsa phansi, yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo. 8Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.
9 Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle. 10 Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwaphonsa phansi okunye kwebandla, okwezinkanyezi, lwakunyathela. 11 Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi. 12Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.
13Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”
14Wathi kimi: “Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.”
15Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu. 16Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lathi: “Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.”
17Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”
18 Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.
19Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela. 20Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya. 21Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala. 22Kepha olwaphukileyo, esikhundleni salo okwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.
23“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela. 24Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele. 25Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
26“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
27Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.

Currently Selected:

UDaniyeli 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy