YouVersion Logo
Search Icon

U-Amose 1

1
Iziprofetho ngokwahlulelwa kwezizwe
1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba. 2 Wathi:
“UJehova uyaduma eseSiyoni,
ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;
amadlelo abelusi ayakulila,
nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”
3 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.
4 Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,
uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.
5 Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,
nginqume abakhileyo eBikati Aveni,
nophethe intonga eBeti Edene,
abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.
6 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo
ukuba babakhaphele ku-Edomi.
7Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,
uqede izindlu zalo zamakhosi.
8 Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,
nophethe intonga e-Ashikeloni,
ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;
nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.
9 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,
bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.
10 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,
uqede izindlu zalo zamakhosi.”
11 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,
walahla isihe sakhe,
wagcina ulaka lwakhe,
wayilondoloza intukuthelo yakhe.
12Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,
uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”
13 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi
ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.
14Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba,
uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa,
nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
15Inkosi yabo iyakuya ekuthunjweni,
yona nezikhulu zayo kanyekanye,” usho uJehova.

Currently Selected:

U-Amose 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy