YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 28

28
UPawulu nabanye bamukelwa kahle ngabaseMelitha
1 Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. 2Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. 3Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. 4Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” 5 Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. 6 Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.
UPawulu uphilisa iziguli
7Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu. 8Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. 9Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa, 10basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.
11Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. 12Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu; 13sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.
UPawulu ufika eRoma
14Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma. 15Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. 16 Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.
17 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma; 18 wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife; 19 kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho. 20 Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”
21Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe. 22 Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”
23 Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. 24 Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga; 25 kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo 26 ngokuthi:
“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi:
“Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda,
nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,
27ngokuba inhliziyo yalesi sizwe
seyaba buthuntu;
bezwa kanzima ngezindlebe,
amehlo abo bawacimezile,
funa mhlawumbe babone ngamehlo,
bezwe ngezindlebe,
baqonde ngenhliziyo, baphenduke,
ngibaphilise.” ’
28 “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.” 29Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
30Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye, 31washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.

Currently Selected:

IzEnzo 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy