YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 27

27
UPawulu eyisiboshwa uhamba ngomkhumbi eya eRoma
1 Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. 2 Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
3 Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. 4Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. 5Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. 6Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. 7Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, 8sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.
9 Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, 10 wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” 11Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. 12Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika.
13Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe. 14Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni; 15kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje. 16Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni; 17sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo. 18Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; 19kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. 20Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.
21Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. 22Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. 23 Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, 24yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ 25Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. 26 Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.”
27Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile. 28Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu; 29besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse. 30Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange* enhlokweni yomkhumbi, 31uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.” 32Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa.
33Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho. 34 Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” 35 Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. 36Base bema isibindi bonke, badla nabo. 37Thina sonke esasisemkhunjini besingabantu abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. 38Sebesuthi ukudla benza lula umkhumbi belahla ukolweni elwandle.
39Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. 40Banquma amahange* bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini. 41Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza.
42Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa, funa ezinye zibaleke ngokuhlamba; 43kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini, 44nabaseleyo bafike, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kanjalo-ke kwenzeka ukuba bonke baphumele emhlabathini besindile.

Currently Selected:

IzEnzo 27: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy