YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 16

16
Uhambo lwesibili lukaPawulu: uPawulu ese-Asiya
1 Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki, 2 owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabase-Ikoniyu. 3 Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki. 4 Kwathi bedabula imizi, babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine. 5 Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.
6 Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya; 7sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.
UPawulu uwelela eMakedoniya
8Badlula eMisiya, behlela eTrowa. 9Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.” 10Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.
11Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi.
UPawulu ushumayela eFilipi; ukukholwa kukaLidiya
12Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni.* Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.
13Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene. 14Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu. 15Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela.
UPawulu uyaboshwa
16Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula. 17 Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.” 18 Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.
19Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi, 20 babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda; 21bafundisa imikhuba esingavunyelwe ukuba siyamukele, siyenze thina esingamaRoma.”
22 Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku; 23sezibashayile imivimbo eminingi, zabaphonsa etilongweni, zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela; 24yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni.
Ukuphenduka komgciniziboshwa
25Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa; 26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke. 27Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile. 28Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.”
29Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, 30 wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”
31 Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.” 32Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesendlini yakhe. 33Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku, wabageza imivimbo, wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe, 34 wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
35Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: “Bakhulule labo bantu.” 36Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.”
37 Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”
38Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi. Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma, 39zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini. 40Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.

Currently Selected:

IzEnzo 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy