YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 14

14
Uhambo lokuqala lukaPawulu: ushumayela e-Ikoniyu
1 Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. 2 Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane. 3 Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. 4Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli. 5 Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe, 6 bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona, 7bashumayela khona ivangeli.
UPawulu ushumayela eListra
8 EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe. 9 Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe, 10wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.
11 Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.” 12UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni. 13Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku.
14Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza 15 bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, 16 othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo. 17 Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” 18Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli.
UPawulu ushumayela e-Antiyokiya
19 Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile. 20Kepha kwathi abafundi bembunganyele, wavuka, wangena emzini. Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.
21Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya, 22 baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” 23 Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo. 24 Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya. 25Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.
26 Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile. 27 Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. 28Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.

Currently Selected:

IzEnzo 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy