YouVersion Logo
Search Icon

2 uSamuweli 5

5
UDavide ubusa izwe lonke
1 Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho. 2 Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”
3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
4 UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane. 5 EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.
6 Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha. 7UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
8UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ”
9UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi. 10 UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.
11 UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu. 12UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
13 UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi. 14 Nanka amagama abazalelwa eJerusalema: oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni, 15noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya, 16no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti.
17Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni. 18AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa. 19 UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”
UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”
20 UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.* 21Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.
22AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa. 23Lapho uDavide ebuza kuJehova, wathi yena: “Awuyikwenyuka; gwegwesa emva kwawo, uwafikele malungana namajikijolo. 24Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.” 25UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile, wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.

Currently Selected:

2 uSamuweli 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy