YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 22

22
Ukubusa kukaJosiya
1 UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati. 2Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
3Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova, yathi: 4 “Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswe endlini kaJehova, iqoqwe ngabalindimnyango kubantu, 5bayibeke esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova, bakhokhele ngayo abasebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukulungisa izimfa zendlu, 6ababazi, nabakhi, nabakha ngamatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa indlu. 7Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.”
Incwadi yomthetho
8 UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda. 9UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: “Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini, zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.” 10UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wayifunda phambi kwenkosi.
11Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaziklebhula izingubo zayo. 12Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, ithi: 13“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.”
Umprofethikazi uHulida
14Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye.
15Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: 16Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, 17ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’ 18Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, 19ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. 20Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.

Currently Selected:

2 AmaKhosi 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy