YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 21

21
UManase uyinkosi kwaJuda
1 UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalinguHefisiba. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4 Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Ngiyakubeka igama lami eJerusalema.” 5Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova. 6 Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.
7 Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera* asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade; 8futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.” 9Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa baze benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
10UJehova wayesekhuluma ngezinceku zakhe abaprofethi, wathi: 11 “Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa noJuda ngezithombe zakhe, 12 ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho. 13 Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele. 14Ngiyakushiya insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo; 15ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”
16Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.
17Ezinye izindaba zikaManase, nakho konke akwenzayo, nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 18UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, insimu ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
19U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba. 20Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise. 21Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo, wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo; 22washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.
23Izinceku zika-Amoni zamenzela ugobe, zayibulala inkosi endlini yayo. 24Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.
25Ezinye izindaba zika-Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 26 Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Currently Selected:

2 AmaKhosi 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy