YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 13

13
OJehowahazi noJehowashi bangamakhosi kwa-Israyeli
1 Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova, walandela izono zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo. 3 Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase-Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi.
4UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela. 5UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala. 6Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera* wasala eSamariya.
7Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.
8Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 9UJehowahazi wayeselala koyise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
10Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha. 11Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kodwa wahamba kuzo.
12Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 13UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.
Ukugula nokufa kuka-Elisha
14 U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: “Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
15U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.” Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo. 16Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka isandla sakho emnsalweni.” Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
17Wathi: “Vula ifasitele ngasempumalanga.” Yalivula. Wayesethi u-Elisha: “Cibishela.” Yacibishela-ke. Wathi: “Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa, umcibisholo wokusindiswa kuma-Aramu, ngokuba uyakubulala ama-Aramu e-Afeki, uwaqede.”
18Wayesethi: “Thatha imicibisholo.” Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Shaya emhlabathini.” Yashaya kathathu, yayeka. 19Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: “Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.”
20Wayesefa u-Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka. 21Kwathi lapho besammbela umuntu othile, bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.
Ama-Aramu ayahlulwa
22UHazayeli inkosi yase-Aramu wayecindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi. 23 Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.
24UHazayeli inkosi yase-Aramu wafa; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 25UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.

Currently Selected:

2 AmaKhosi 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy