YouVersion Logo
Search Icon

2 iziKronike 21

21
UJehoramu uyinkosi kwaJuda
1 UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 2Wayenabafowabo, amadodana kaJehoshafati: ngo-Azariya, noJehiyeli, noZakariya, no-Azariyahu, noMikayeli, noShefathiya; bonke labo babengamadodana kaJehoshafati inkosi yakwa-Israyeli. 3Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kepha umbuso wawunika uJehoramu, ngokuba wayeyizibulo.
4UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli. 5 UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 6Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova. 7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
8 Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi. 9Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola. 10Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe, ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. 11Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.
12Kwafika kuye incwadi iphuma ku-Eliya umprofethi, ithi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: ‘Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, 13kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe, 14bheka, uJehova uyakushaya ngokushaya okukhulu abantu bakho nabantwana bakho, nawomkakho, nayo yonke impahla yakho, 15wena wehlelwe yisifo esikhulu, isifo sezibilini, ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.’ ”
16UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase-Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu; 17bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.
18Emva kwakho konke lokho uJehova wamshaya ezibilinini zakhe ngesifo esingenakwelashwa. 19 Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ngesikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili, izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe, wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.
20 Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema, wamuka engakhalelwanga muntu; bammbela emzini kaDavide, kepha kungesemathuneni amakhosi.

Currently Selected:

2 iziKronike 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy