YouVersion Logo
Search Icon

2 iziKronike 11

11
Isiprofetho sikaShemaya
1 URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili, amabutho, ukuba balwe no-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.
2Lase lifika izwi likaJehova kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi: 3“Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi: 4‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu.
Ukwakha kukaRehobowamu
5URehobowamu wahlala eJerusalema, wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda. 6Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa, 7neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu, 8neGati, neMaresha, neZifi, 9ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka, 10neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo. 11Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini. 12Emizini yonke, yileyo naleyo, wabeka izihlangu nemikhonto, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe.
Abapristi namaLevi baya kwaJuda
13Abapristi namaLevi ayekwa-Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke. 14 Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova, 15 wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo. 16Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise. 17Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.
Abafazi nabantwana bakaRehobowamu
18 URehobowamu wazithathela umfazi, uMahalati, indodakazi kaJerimoti indodana kaDavide neka-Abihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese. 19Wamzalela amadodana: ngoJewushe, noShemariya, noZahamu. 20 Emva kwakhe wathatha uMahakha, indodakazi ka-Abisalomu; wamzalela o-Abiya, no-Athayi, noZiza, noShelomiti. 21URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe, ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nezancinza ezingamashumi ayisithupha, wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.
22URehobowamu wabeka u-Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi. 23Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini, emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.

Currently Selected:

2 iziKronike 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy