YouVersion Logo
Search Icon

2 iziKronike 10

10
Ukumiswa kukaRehobowamu nokuhlubuka kwezizwe eziyishumi
1 URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. 2Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe. 3Bathuma bambiza; uJerobowamu naye wonke u-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: 4“Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.”
5Wathi kubo: “Buyelani kimi emva kwezinsuku ezintathu.” Basuka-ke abantu.
6Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise esekhona, yathi: “Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?”
7Akhuluma kuye, athi: “Uma uzakuba muhle kulaba bantu, ubathokozise, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.” 8Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe. 9Wathi kuzo: “Nina niluleka ukuba sibuyise mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?”
10Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakusho kubo kanje ukuthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. 11Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”
12UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.” 13Inkosi yabaphendula kalukhuni; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga, 14yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.” 15Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
16Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi:
“Sinasabelo sini kuDavide na?
Ifa asinalo endodaneni kaJese.
Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe, Israyeli;
zibhekele indlu yakho manje, Davide.”
Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe. 17Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.
18Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema. 19U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.

Currently Selected:

2 iziKronike 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy