YouVersion Logo
Search Icon

1 AmaKhosi 9

9
UJehova uyabonakala kuSolomoni
1 Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, nendlu yenkosi, nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefune ukukwenza, 2 uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni. 3 UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.
4 “Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, 5 ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’
6 “Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 7 ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. 8 Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ 9Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”
UHiramu uphiwa imizi
10 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, 11uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. 12UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. 13Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. 14UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.
Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni. Iminikelo yakhe
15 Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: 16 uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. 17USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, 18neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, 19 nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.
20Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, 21abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla. 22 Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. 23Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini.
24 Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.
25 Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.
Imikhumbi kaSolomoni
26Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. 27UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. 28Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.

Currently Selected:

1 AmaKhosi 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy