YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 9

9
Abakhileyo eJerusalema; inkonzo yasethempelini
1 Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe. 2Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.*
3 EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwa-Efrayimi noManase: 4ngu-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBani kubantwana bakwaPheresi kaJuda. 5KumaShiloni: ngu-Asaya izibulo namadodana akhe. 6Kumadodana kaZera: nguJehuweli nabafowabo, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye. 7Kumadodana kaBenjamini: nguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa, 8no-Ibineya indodana kaJerohamu, no-Ela ka-Uzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya, 9nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labo bantu babe yizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.
10 Kubapristi: ngoJedaya, noJehoyaribi, noJakini, 11 no-Azariya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu, 12no-Adaya kaJerohamu kaPhashuri kaMalikhiya noMahasayi ka-Adiyeli kaJahizera kaMeshulamu kaMeshilemiti ka-Imeri, 13nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.
14KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kumadodana kaMerari, 15noBakibakari, noHereshi, noGalali, noMathaniya kaMika kaZikiri ka-Asafa, 16no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa ka-Elkana owahlala emizaneni yamaNethofa, 17nabalindisango oShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko. 18Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga; babe ngabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi. 19UShalumi kaKore ka-Ebiyasafa kaKora, nabafowabo bendlu kayise, amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindisango etabernakele;* oyise babemele ikamu* likaJehova bengabalindisango. 20UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye. 21UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.
22 Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo. 23Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda. 24Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu. 25Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe nabo, 26ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu. 27Bahlala ebusuku bezungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba kwakungokwabo ukuyilinda, kwakungokwabo futhi ukuyivula ekuseni imihla ngemihla. 28Abanye babephethe izitsha zenkonzo, ngokuba zangeniswa ngokubalwa, zakhishwa ngokubalwa. 29Abanye kubo babemiselwe impahla, nezitsha zonke zendlu engcwele, nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha. 30 Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba ngamafutha. 31UMatithiya, omunye wamaLevi, owayeyizibulo likaShalumi umKorahi wayenesikhundla sokubheka izinto ezenziwa amakhanzini. 32 Abanye abafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.
33Kepha abanye, abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi, babe semakamelweni bekhululekile kokunye, ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.
34Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
35 EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni uJehiyeli ogama lomkakhe lalinguMahakha, 36nendodana yakhe eyizibulo u-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi, 37noGedori, no-Ahiyo, noZakariya, noMikiloti. 38UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo. 39 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali. 40Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika. 41Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi. 42U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa; 43uMosa wazala uBineya; uRefaya wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe; 44u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babe ngamadodana ka-Aseli.

Currently Selected:

1 iziKronike 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy