YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 8

8
Umndeni kaSawule wesizwe sakwaBenjamini
1 UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu, 2noNoha owesine, noRafa owesihlanu. 3UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi, 4no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa, 5noGera, noShefufani, noHuramu.
6Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati, 7zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.
8UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe. 9Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu, 10noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise. 11Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.
12Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo, 13noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati; 14no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti, 15noZebadiya, no-Aradi, no-Edere, 16noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya, 17noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere, 18no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali, 19noJakimi, noZikiri, noZabidi, 20no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli, 21no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi, 22noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli, 23no-Abidoni, noZikiri, noHanani, 24noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya, 25no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki, 26noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya, 27noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu. 28Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
29 EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha; 30izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi, 31noGedori, no-Ahiyo, noZekeri. 32Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
34 Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika. 35Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi. 36U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa; 37uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe; 38u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli. 39Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu. 40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.

Currently Selected:

1 iziKronike 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy