YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 3

3
Abantwana bakaDavide: amakhosi akwaJuda; amadodana kaJekoniya
1 Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi; 2owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti; 3owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe. 4 Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.
5 Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli, 6noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti, 7noNoga, noNefegi, noJafiya, 8no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye.
9 Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo. 10 Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe; 11 nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe; 12ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe; 13 ngu-Ahazi indodana yakhe; nguHezekiya indodana yakhe; nguManase indodana yakhe; 14 ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe. 15 Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi. 16Amadodana kaJehoyakimi: nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe.
17Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe, 18noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya. 19Amadodana kaPhedaya: ngoZerubabele noShimeyi; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo 20noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi, beyisihlanu. 21Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka-Arinani, namadodana ka-Obadiya, namadodana kaShekaniya. 22Amadodana kaShekaniya: nguShemaya; amadodana kaShemaya: ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha. 23Amadodana kaNehariya: ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu. 24Amadodana ka-Eliyohenayi: ngoHodaviya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no-Akubi, noJohanani, noDelaya, no-Anani, beyisikhombisa.

Currently Selected:

1 iziKronike 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy