YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 20

20
Ukuvinjezelwa kweRaba. Ukulwa namaFilisti
1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza. 2UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu. 3Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
4 Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.
5 Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati, umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
6 Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa. 7Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.
8 Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

Currently Selected:

1 iziKronike 20: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy