1
UDuteronomi 1:30-31
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu, nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’
Compare
Explore UDuteronomi 1:30-31
2
UDuteronomi 1:11
UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.
Explore UDuteronomi 1:11
3
UDuteronomi 1:6
“UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: ‘Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba
Explore UDuteronomi 1:6
4
UDuteronomi 1:8
Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’
Explore UDuteronomi 1:8
5
UDuteronomi 1:17
Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’
Explore UDuteronomi 1:17
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos