1
1 kaJohane 4:18
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.
Compare
Explore 1 kaJohane 4:18
2
1 kaJohane 4:4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
Explore 1 kaJohane 4:4
3
1 kaJohane 4:19
Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
Explore 1 kaJohane 4:19
4
1 kaJohane 4:7
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
Explore 1 kaJohane 4:7
5
1 kaJohane 4:8
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
Explore 1 kaJohane 4:8
6
1 kaJohane 4:10
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
Explore 1 kaJohane 4:10
7
1 kaJohane 4:11
Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
Explore 1 kaJohane 4:11
8
1 kaJohane 4:9
Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.
Explore 1 kaJohane 4:9
9
1 kaJohane 4:20
Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
Explore 1 kaJohane 4:20
10
1 kaJohane 4:15
Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
Explore 1 kaJohane 4:15
11
1 kaJohane 4:21
Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.
Explore 1 kaJohane 4:21
12
1 kaJohane 4:1-2
Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni. Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu
Explore 1 kaJohane 4:1-2
13
1 kaJohane 4:3
lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.
Explore 1 kaJohane 4:3
Home
Bible
Plans
Videos