1
1 kwabaseKorinte 2:9
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
Compare
Explore 1 kwabaseKorinte 2:9
2
1 kwabaseKorinte 2:14
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
Explore 1 kwabaseKorinte 2:14
3
1 kwabaseKorinte 2:10
Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
Explore 1 kwabaseKorinte 2:10
4
1 kwabaseKorinte 2:12
Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa
Explore 1 kwabaseKorinte 2:12
5
1 kwabaseKorinte 2:4-5
nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.
Explore 1 kwabaseKorinte 2:4-5
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos