YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 27:32, 33, 34, 35, 36, 37, 38, 39, 40, 41, 42, 43, 44, 45, 46, 47, 48, 49, 50, 51, 52, 53, 54, 55, 56, 57, 58, 59, 60, 61, 62, 63, 64, 65, 66

NgokukaMathewu 27:32 ZUL59

Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.

NgokukaMathewu 27:33 ZUL59

Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda

NgokukaMathewu 27:34 ZUL59

amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza.

NgokukaMathewu 27:35 ZUL59

Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho

NgokukaMathewu 27:36 ZUL59

ahlala amlinda khona.

NgokukaMathewu 27:37 ZUL59

Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.

NgokukaMathewu 27:38 ZUL59

Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo.

NgokukaMathewu 27:39 ZUL59

Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo

NgokukaMathewu 27:40 ZUL59

bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”

NgokukaMathewu 27:41 ZUL59

Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi

NgokukaMathewu 27:42 ZUL59

“Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.

NgokukaMathewu 27:43 ZUL59

Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”

NgokukaMathewu 27:44 ZUL59

Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.

NgokukaMathewu 27:45 ZUL59

Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.

NgokukaMathewu 27:46 ZUL59

Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

NgokukaMathewu 27:47 ZUL59

Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”

NgokukaMathewu 27:48 ZUL59

Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.

NgokukaMathewu 27:49 ZUL59

Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”

NgokukaMathewu 27:50 ZUL59

UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

NgokukaMathewu 27:51 ZUL59

Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka

NgokukaMathewu 27:52 ZUL59

amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka

NgokukaMathewu 27:53 ZUL59

baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.

NgokukaMathewu 27:54 ZUL59

Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”

NgokukaMathewu 27:55 ZUL59

Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza

NgokukaMathewu 27:56 ZUL59

phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu.

NgokukaMathewu 27:57 ZUL59

Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye

NgokukaMathewu 27:58 ZUL59

lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona.

NgokukaMathewu 27:59 ZUL59

UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo

NgokukaMathewu 27:60 ZUL59

wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.

NgokukaMathewu 27:61 ZUL59

Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.

NgokukaMathewu 27:62 ZUL59

Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu

NgokukaMathewu 27:63 ZUL59

bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’

NgokukaMathewu 27:64 ZUL59

Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.”

NgokukaMathewu 27:65 ZUL59

UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.”

NgokukaMathewu 27:66 ZUL59

Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

Free Reading Plans and Devotionals related to NgokukaMathewu 27:32, 33, 34, 35, 36, 37, 38, 39, 40, 41, 42, 43, 44, 45, 46, 47, 48, 49, 50, 51, 52, 53, 54, 55, 56, 57, 58, 59, 60, 61, 62, 63, 64, 65, 66