UJoweli 1:13
UJoweli 1:13 ZUL20
Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.





