YouVersion Logo
Search Icon

UJoweli 1

1
Izwe liyachithwa yisikhonyane
1Izwi likaJehova elafika kuJoweli
indodana kaPhethuweli.
2Yizwani lokhu nina badala,
nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni.
Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?
3Kutsheleni abantwana benu,
nabantwana benu abantwana babo,
nabantwana babo esinye isizukulwane.
4Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane,
nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi,
nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.
5Phaphamani, zidakwa, nikhale,
nihhewule nonke eniphuza iwayini
ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
6Ngokuba kwenyukele ezweni lami
isizwe esinamandla nesingenakubalwa;
amazinyo aso angamazinyo engonyama,
namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.
7Sichithile umvini wami,
saxebula umkhiwane wami;
siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla,
amagatsha awo sawenza aba mhlophe.
8Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka
ngomyeni wobusha bayo.
9 Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa
inqamukile endlini kaJehova;
abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.
10Amasimu achithekile,
umhlabathi uyalila,
ngokuba amabele achithiwe;
iwayini elisha lishile,
amafutha ayawuma.
11 Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini
ngokolweni nangebhali,*
ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
12Umvini ubunile,
imikhiwane iwumile;
imipomegranati,* namasundu,
nemi-apula,*
nemithi yonke yasendle kubunile,
ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
13Bhincani, nikhale, bapristi,
nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;
wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,
zikhonzi zikaNkulunkulu wami,
ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa
kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
14 Ngcwelisani ukuzila ukudla,
nibize umhlangano;
buthani amalunga,
yebo, bonke abakhe ezweni,
endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,
nikhale kuJehova.
15 Hawu lolo suku!
Ngokuba usuku lukaJehova lusondele,
lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.
16Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu,
intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?
17Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo;
izingobo zichithakele,
izinqolobane zidiliziwe,
ngokuba amabele omile.
18Yeka, ukububula kwezilwane!
Imihlambi yezinkomo ikhungathekile,
ngokuba ayinadlelo,
yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.
19Ngikhala kuwe Jehova,
ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo,
nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.
20 Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela,
ngokuba imifula yamanzi ishile,
nomlilo udlile amadlelo asehlane.

Currently Selected:

UJoweli 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy