YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 1

1
Ukubizwa kukaJeremiya
1 Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini, 2 okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe; 3 lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.
4Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:
5 “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi;
ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa,
ngakubeka umprofethi ezizweni.”
6 Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”
7Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. 8 Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.
9 UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. 10 Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”
11Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?”
Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*
12Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”
13 Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Ubonani na?”
Ngathi: “Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.”
14 Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba. 15 Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova.
“Iyakufika, yilowo nalowo
ubeke isihlalo sawo sobukhosi
ezikhaleni zamasango aseJerusalema,
nakuzo zonke izingange zalo nxazonke,
nakuyo yonke imizi yakwaJuda.
16Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami
phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo,
ngokuba bangihlubukile,
bashisela abanye onkulunkulu impepho,
bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.
17 “Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo. 18 Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe. 19Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”

Currently Selected:

UJeremiya 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy