YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseRoma 7

7
Ukukhululeka emthethweni
1Kanti anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na? 2 Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. 3 Ngalokho-ke lapho indoda isekhona, uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda; kepha nxa indoda isifile, ukhululekile emthethweni, angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda.
4 Kanjalo nani bazalwane bami, nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo. 5 Ngokuba kwathi sisenyameni, ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo; 6 kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala.
Umthetho nesono
7 Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;” 8 kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile. 9Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono, 10 ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi, 11ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo. 12 Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.
13Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu.
Ubugqila bomuntu phansi komthetho
14 Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono. 15 Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo. 16Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle. 17Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi. 18 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho, 19ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. 20Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.
21Ngalokho ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi, 22ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi, 23 kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. 24Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na? 25 Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.

Currently Selected:

KwabaseRoma 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy