YouVersion Logo
Search Icon

IsAmbulo 7

7
Izinceku phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ziyabekwa uphawu
1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi. 2Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, 3 yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.” 4 Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:
5Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
6esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
7esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
8esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili.
9 Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, 10 samemeza ngezwi elikhulu, sithi:
“Insindiso ngekaNkulunkulu wethu
ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!”
11 Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:
12“Amen! Isibusiso, nenkazimulo,
nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo,
namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu
kuze kube phakade naphakade.
Amen!”
13Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”
14 Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.”
Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu. 15 Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele* phezu kwabo. 16 Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, 17 ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”

Currently Selected:

IsAmbulo 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy