YouVersion Logo
Search Icon

IsAmbulo 15

15
Izingelosi eziyisikhombisa nezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina
1 Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu. 2 Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu* kaNkulunkulu. 3 Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi:
“Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho,
Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke;
zilungile, ziqinisile izindlela zakho
wena Nkosi yezizwe;
4 ngubani ongayikwesaba, Nkosi,
adumise igama lakho, na?
Ngokuba wena wedwa ungcwele,
nezizwe zonke ziyakuza
zikhuleke phambi kwakho,
ngokuba izenzo zakho zokulunga
zibonakalisiwe.”
5 Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini, 6 kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande* egolide. 7 Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade. 8 Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.

Currently Selected:

IsAmbulo 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy