YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 94

94
Izitha zesizwe sikaNkulunkulu ziyakuphindiselwa
1 Nkulunkulu wempindiselo,
Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.
2 Phakama, Mahluleli womhlaba,
uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
3 Jehova, koze kube nini ababi,
koze kube nini ababi bethaba na?
4Bayampompoza,
bakhuluma amagangangozi;
bayazidla bonke abenza okubi.
5Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,
nefa lakho balinyathela phansi.
6Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,
nezintandane bayazibulala.
7 Bathi: “UJehova akaboni,
uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;
nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9 Owenza indlebe kanakuzwa na?
Owadala iso kanakubona na?
10Othethisa abezizwe,
yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
11 UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.
12 Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,
omfundisayo ngomthetho wakho,
13wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi,
aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.
14Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe,
nefa lakhe akayikulishiya.
15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,
bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
16Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?
Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
17Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,
umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.
18Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa.
19 Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami
ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.
20Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini,
leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?
21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo;
igazi elingenacala bayalilahla.
22 Kepha uJehova waba yinqaba yami,
uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.
23Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo,
abaqede ngobubi babo;
uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.

Currently Selected:

AmaHubo 94: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy