YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 86

86
Umkhuleko wososizini
Umkhuleko kaDavide.
1Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule,
ngokuba ngilusizi, ngimpofu.
2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho;
wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.
3Yiba nomusa kimi, Nkosi,
ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
4 Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,
ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.
5 Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,
ulalele izwi lokunxusa kwami.
7 Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,
ngokuba uzakungiphendula.
8 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;
akukho okunjengemisebenzi yakho.
9 Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke,
zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.
10Ngokuba umkhulu wena,
uyenza izimangaliso,
unguNkulunkulu wena wedwa.
11 Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho.
12Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu
wami, ngenhliziyo yonke yami,
ngidumise igama lakho kuze kube phakade.
13 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami,
ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
14 Nkulunkulu, izideleli zingivukele,
ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami;
azibekanga wena phambi kwazo.
15 Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo,
onomusa nokubekezela,
uvame ubumnene nokuthembeka.
16Phendukela kimi, ube nomusa kimi,
uyiphe inceku yakho amandla akho,
usindise indodana yencekukazi yakho.
17Ngenzele isiboniselo sokuhle,
ukuze abangizondayo babone, bajabhe,
ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.

Currently Selected:

AmaHubo 86: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy