YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 71

71
Umkhuleko wocela ukusizwa
1 Jehova, ngiyethemba wena;
mangingajabhi naphakade.
2Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;
beka indlebe yakho kimi, ungisindise.
3 Yiba kimi idwala lokuhlala,
ukuze ngiye kulo njalonjalo;
ukuyalezile ukusindiswa kwami,
ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
4Nkulunkulu wami,
ngikhulule esandleni somubi,
esandleni songalungile nesonakeleyo.
5Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,
ithemba lami kwasebusheni bami.
6 Ngencike kuwe kwasesiswini;
nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;
ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.
7Nginjengesimangaliso kwabaningi,
kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.
8Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke.
9Ungangilahli esikhathini sobudala,
ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,
10ngokuba izitha zami zikhuluma ngami,
nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,
11bathi: “UNkulunkulu umshiyile;
zingelani nimbambe,
ngokuba akakho osindisayo.”
12 Nkulunkulu, ungabi kude nami;
Nkulunkulu, phuthuma ungisize.
13 Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele;
abangifunela umonakalo mabembathe
amahloni nenhlamba.
14Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,
ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.
15 Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,
nensindiso yakho lonke usuku;
ngokuba anginakukubala.
16Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;
ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.
17Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;
ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.
18 Futhi mawungangishiyi,
nxa ngimdala, ngiyimpunga,
ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,
amandla akho kubo bonke abezayo.
19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini;
wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu,
ngubani onjengawe na?
20 Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi,
uyakubuye usiphilise,
usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
21 Yandisa udumo lwami,
ubuye ungiduduze.
22Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho,
Nkulunkulu wami,
ngogubhu lwezintambo;
ngizakukudumisa ngehabhu*
wena oNgcwele ka-Israyeli.
23 Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo.
24Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga;
ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.

Currently Selected:

AmaHubo 71: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy