YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 38

38
Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa
Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza.
1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,
ungangishayi ngolaka lwakho.
2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;
isandla sakho singicindezele kanzima.
3Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;
akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
4Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;
njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
5 Izilonda zami ziyanuka,
zichicha ubovu
ngenxa yobuwula bami.
6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;
usuku lonke ngihamba ngilila.
7Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;
akukho ukuphila enyameni yami.
8Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;
ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
9Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;
amandla ami angishiyile,
ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
11 Abathandekayo bami nabahlobo bami
bemi kude nokuhlupheka kwami;
abakwethu bemi kude laphaya.
12Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;
abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,
bazindla inkohliso usuku lonke.
13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;
nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.
14Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;
akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.
15Ngokuba ngithemba wena Jehova;
wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.
16Ngokuba ngithe:
“Funa bajabule ngami,
ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”
17Ngokuba ngiseduze kokuwa,
nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.
18Ngokuba ngiyabika ukona kwami;
ngiyadabuka ngesono sami.
19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;
baningi abangizonda ngeze.
20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,
ngokuba ngilandela okulungileyo.
21Ungangishiyi, Jehova;
Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.
22 Phuthuma, ungisize,
Nkosi, nsindiso yami.

Currently Selected:

AmaHubo 38: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy