YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 33

33
Ukumdumisa uNkulunkulu uMninimandla onke ngenxa yezenzo zakhe ezinhle
1Yethabani kuJehova nina balungileyo;
ukudumisa kubafanele abaqotho.
2 Bongani uJehova ngehabhu;*
mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.
3Mhubeleni ihubo elisha,
nibethe kahle ngenhlokomo.
4 Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka.
5 Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
6 Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.
7 Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba;
uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.
8Umhlaba wonke mawumesabe uJehova;
bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
9 Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;
wayaleza, kwema khona.
10 UJehova uchitha icebo labezizwe;
uphuthisa imicabango yabantu.
11 Icebo likaJehova limi phakade,
nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.
12 Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,
isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.
13UJehova uyabheka esezulwini;
uyababona bonke abantwana babantu.
14 Esendaweni lapho ehlala khona
uyababuka bonke abakhileyo ezweni,
15 yena owadala izinhliziyo zabo bonke,
oqaphela zonke izenzo zabo.
16 Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;
isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.
17 Ihhashi liyize ekusindiseni,
alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.
18Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe,
19 ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni,
abaphilise endlaleni.
20 Umphefumulo wethu ulindela uJehova;
ungukusiza kwethu nesihlangu sethu.
21Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye,
ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.
22Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena.

Currently Selected:

AmaHubo 33: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy