YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 18

18
Ukumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi:
1Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
2 Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo.
3 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo,
ngisindiswe ezitheni zami.
4 Izintambo zokufa zangizungelezela,
izikhukhula zokona zangethusa.
5Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,
izihibe zokufa zangehlela.
6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.
7 Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;
izisekelo zezintaba zathuthumela,
zagubhuzela ngokuba ethukuthele.
8Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,
nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;
amalahle avutha kuye.
9Wathobisa izulu, wehla;
ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
10 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;
washweza ngamaphiko omoya.
11 Ubumnyama wabenza isisibekelo,
idokodo lakhe elimphahlayo;
amanzi amnyama, amafu anzima.
12Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe
amafu akhe abanga phambili,
isichotho namalahle avuthayo.
13 UJehova waduma ezulwini;
oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:
isichotho namalahle avuthayo.
14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,
nemibani eminingi, wabadidizelisa.
15Kwase kubonakala imisinga yamanzi;
izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova,
ngokufutha komoya wamakhala akho.
16 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba;
wangikhipha emanzini amaningi.
17 Wangophula esitheni sami esinamandla
nakubo abangizondayo,
ngokuba base bengahlulile.
18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,
kepha uJehova waba yinsika yami.
19Wangiphumisela endaweni ebanzi;
wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
20 UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;
wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
21Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,
angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
22Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,
nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.
23 Ngangiphelele kuye;
ngabuxwaya ububi.
24 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,
njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.
25Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;
kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;
26 kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;
koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.
27 Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,
kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.
28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami;
uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
29 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;
ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
30 Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
31 Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
32uNkulunkulu ongibhincisa amandla,
owenza indlela yami ilunge;
33 owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,
angimise emagqumeni ami;
34 ofundisa izandla zami ukulwa,
ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
35 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
36 Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
37Ngazixosha izitha zami, ngazifica;
angibuyanga ngingakaziqedi.
38 Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;
zawa phansi kwezinyawo zami.
39Wangibhincisa amandla okulwa;
ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
40Wangifulathelisela izitha zami,
nabangizondayo ngabaqothula.
41 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,
nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
42Ngabacolisisa njengothuli emoyeni;
ngabalahla njengensila ezitaladini.
43 Wangikhulula ezimpini zabantu;
wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe;
abantu engingabaziyo bangikhonza.
44 Banele ukungizwa nje ngendlebe,
base bengilalela;
abafo bazithoba phansi kwami.
45Abafo babuna,
baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.
46UJehova usekhona,
malidunyiswe iDwala lami;
makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
47uNkulunkulu onginikile impindiselo,
wathobisa izizwe phansi kwami;
48ongikhululile ezitheni zami,
yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo,
wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
49 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova,
ngilihubele igama lakho.
50 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe;
uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide
nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

Currently Selected:

AmaHubo 18: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy