YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 145

145
Ubukhulu nobumnene bukaJehova
Indumiso kaDavide.
1 Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,
ngilituse igama lakho phakade naphakade.
2Imihla yonke ngiyakukubonga,
ngilidumise igama lakho phakade naphakade.
3 Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.
4 Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho,
simemezele izenzo zakho zamandla.
5 Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho
nangezimangaliso zakho.
6Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;
ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
7Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,
bahube ngokulunga kwakho.
8 UJehova unesihe nobumnene;
uyephuza ukuthukuthela,
mkhulu ngomusa.
9UJehova muhle kubo bonke;
uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,
abangcwele bakho bakubonge.
11Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,
bashumayele ngamandla akho
12ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla
nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade;
ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
14UJehova uyaphasa bonke abawayo,
abavuse bonke abathotshisiweyo.
15 Amehlo abo bonke alinda wena;
uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
16 Uyavula isandla sakho,
usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
17UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke.
18 UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.
19 Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo;
uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.
20UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo,
kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.
21Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova,
inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

Currently Selected:

AmaHubo 145: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy