YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 107

107
INCWADI YESIHLANU
Amahubo 107 – 150
Ukubonga iNkosi kwabakhululekileyo bakwa-Israyeli
1 Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova,
abahlengileyo esandleni sesitha;
3 wababutha emazweni,
empumalanga nasentshonalanga,
enyakatho naselwandle.
4 Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi,
abafumananga umuzi wokuhlala.
5Belambile, bomile,
umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
6Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;
wabakhulula ezinsizini zabo.
7Wabahola ngendlela elungileyo
ukuba baye emzini wokuhlala.
8Mababonge uJehova ngomusa wakhe
nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
9Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
10 Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa
beboshiwe osizini nasensimbini,
11 ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu,
babesidelele isiluleko soPhezukonke.
12Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka;
bawa kungekho osizayo.
13Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,
wabakhulula ezinsizini zabo.
14Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa,
wagqabula izibopho zabo.
15Mababonge uJehova ngomusa wakhe
nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
16Ngokuba waphulile amasango ethusi,
wanquma imigoqo yensimbi.
17Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo;
ngenxa yobubi babo babehlushwa.
18 Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla;
basondela emasangweni okufa.
19Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;
wabakhulula ezinsizini zabo.
20Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,
wabakhulula emathuneni abo.
21Mababonge uJehova ngomusa wakhe,
nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
22Mabanikele iminikelo yokubonga,
balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23Behlela elwandle ngemikhumbi,
bathengiselana emanzini amakhulu.
24Laba babona imisebenzi kaJehova
nezimangaliso zakhe ekujuleni.
25Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho
owaphakamisa amadlambi olwandle.
26Bakhuphukela ezulwini,
babuye behlela kuzo izintwa;
umphefumulo wancibilika ngosizi.
27Bayendayenda,
bantengezela njengodakiweyo;
konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,
wabakhulula ezinsizini zabo.
29Wathulisa isiphepho,
kwaze kwaba ngukuthula,
kwathula namadlambi olwandle.
30 Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;
wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31Mababonge uJehova ngomusa wakhe
nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32Mabamphakamise ebandleni labantu,
bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33Imifula wayiphendula ihlane,
nemithombo yamanzi isigagadu,
34 nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti
ngenxa yobubi babahlezi khona.
35 Ihlane waliphendula amachibi amanzi,
nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
36Wabahlalisa khona abalambileyo,
bakha khona umuzi wokuhlala.
37Balima amasimu, batshala isivini,
kwabathelela izithelo.
38 Wababusisa, banda kakhulu,
akanciphisa izinkomo zabo.
39 Babuye bancipha,
bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
40 Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu,
wabazulazulisa ehlane elingenandlela.
41Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini,
enza imindeni njengomhlambi.
42 Olungileyo uyakukubona, ajabule;
ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.
43Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu;
bayakuqonda umusa kaJehova.

Currently Selected:

AmaHubo 107: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy