YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 4

4
Ukulaya kukayise
1 Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise,
nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
2Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle;
ningawushiyi umthetho wami.
3Ngokuba ngangiyindodana kubaba,
ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.
4 Wangifundisa, wathi kimi:
“Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami;
gcina imiyalo yami, uphile.
5Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
6ungakushiyi, kuyakukugcina;
kuthande, kuyakukulondoloza.
7Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
8 Kukhulise, kuyakukuphakamisa;
kuyakukudumisa, lapho ukugona.
9 Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,
kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
10Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
11Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
12Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,
nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
13Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;
kulonde,
ngokuba kungukuphila kwakho.
14 Ungangeni emkhondweni wababi,
ungahambi endleleni yabonakeleyo.
15Yixwaye, ungadluli ngayo;
chezuka kuyo, udlule.
16Ngokuba abalali,
uma bengenzanga okubi;
ubuthongo buyasuswa,
uma bengakhubekisanga muntu.
17Ngokuba badla isinkwa sobubi,
baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.
18Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa
okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.
19Indlela yababi injengobumnyama;
abazi ukuthi bakhubeka ngani.
20Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
21 Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,
22ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo
nempilo yomzimba wonke wabo.
23Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
24Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.
25Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.
26 Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane,
ziqine zonke izindlela zakho.
27 Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini.

Currently Selected:

IzAga 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy