YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 28

28
1 Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo,
kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
2 Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi,
kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.
3Umuntu oswelayo ocindezela abampofu
unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4Abashiya umthetho badumisa ababi,
kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,
kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe
kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
7Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,
kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
8 Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo
uyibuthela onomusa kwabampofu.
9 Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
10 Odukisela abaqotho endleleni embi
uyakuwela emgodini wakhe,
kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.
11Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,
kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.
12 Lapho abalungileyo bethokoza,
udumo lukhulu,
kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
13 Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
14 Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,
kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
15Njengengonyama ebhongayo nebhere* elihahayo,
unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
16 Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,
ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
17 Umuntu osindwa yigazi lomunye
uyakubalekela egodini;
makangasizwa muntu.
18 Ohamba ekupheleleni uyakusinda,
kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
19 Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,
kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.
20 Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso,
kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.
21 Ukukhetha ubuso akukuhle;
ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.
22Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo;
akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.
23 Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa
kunothopha ngolimi lwakhe.
24 Ophanga uyise nonina, ethi:
“Akusiso isiphambeko,”
yena ungumngane wochithayo.
25Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana,
kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.
26 Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula;
kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.
27 Opha ompofu akayikuswela,
kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
28 Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha,
kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.

Currently Selected:

IzAga 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy