YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 16

16
1 Umuntu unamasu enhliziyweni,
kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.
2 Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe,
kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
3 Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho.
4UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho;
yebo, nomubi umenzele usuku olubi.
5 Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova;
impela abayikuyekwa.
6Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa,
nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.
7Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova,
uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.
8 Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
9 Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
10Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;
umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
11 Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;
zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12 Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,
ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13 Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;
amazwi abaqotho ayawathanda.
14 Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,
kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15 Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,
nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
16 Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;
oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18 Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,
nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
19Kungcono ukuba nomoya
othobekileyo kanye nabathobekileyo,
kunokwabelana impango nabazidlayo.
20 Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
21Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo,
nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.
22 Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,
kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.
23Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe,
yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
24Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.
25 Kukhona indlela eqondile phambi komuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.
26Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,
ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.
27 Umuntu omubi uphanda okubi,
nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.
28 Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo.
29 Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe,
amhambise endleleni engenhle.
30 Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo,
noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
31 Ubumpunga bungumqhele wodumo;
bufumaniswa endleleni yokulunga.
32 Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
33Inkatho yenzelwa emathangeni,
kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.

Currently Selected:

IzAga 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy