YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 14

14
1 Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe,
kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
2Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,
kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
3Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,
kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
4Lapho kungekho khona izinkomo,
umkhombe awunalutho,
kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.
5 Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,
kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.
6Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,
kepha ukwazi kulula koqondayo.
7Suka phambi komuntu oyisiwula,
ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.
8 Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe,
kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
9 Iziwula ziyadelela umnikelo wecala,
kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.
10Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo;
umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.
11 Indlu yababi iyachithwa,
kepha itende labaqotho liyahluma.
12 Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
13Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu,
nokuphela kwentokozo kulusizi.
14Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe,
nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.
15Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,
kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.
16Ohlakaniphileyo uyesaba,
udeda ebubini,
kepha isiwula siyaqhosha,
singanaki lutho.
17Isififane siyenza ubuwula,
kepha umuntu wamasu unokuthula.
18Abangenalwazi badla ifa lobuwula,
kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.
19 Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,
namashinga ngasemasangweni abalungileyo.
20 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,
kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.
21 Odelela umakhelwane wakhe uyona,
kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.
22 Angithi bayaduka abaceba okubi na?
Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.
23 Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.
24Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,
umgexo weziwula ungubuwula.
25Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo,
kepha ophafuza amanga unenkohliso.
26Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla;
abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.
27 Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila,
ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.
28Udumo lwenkosi lungobuningi babantu,
kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.
29Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,
kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
30 Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama,
kepha umhawu ungukubola kwamathambo.
31 Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,
kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.
32Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe,
kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.
33Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda,
kepha phakathi kweziwula akwaziwa.
34Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu.
35Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda,
kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.

Currently Selected:

IzAga 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy