YouVersion Logo
Search Icon

U-Obadiya 1

1
Isiprofetho ngo-Edomi
1 Umbono ka-Obadiya.
Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi:
Sizwile imibiko evela kuJehova,
kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi:
“Vukani, simvukele ngokulwa.”
2“Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe;
udeleleke kakhulu.
3Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile
wena ohlezi emifantwini yamawa,
ondawo yakho yokuhlala iphakeme,
othi enhliziyweni yakho:
Ngubani ongangehlisela phansi na?
4 Noma uphakama njengokhozi,
kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,
ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
5 “Uma amasela efika kuwe,
nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho
bebengayikweba baze baneliswe na?
Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe,
bebengayikushiya umkhothozo na?
6Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu,
yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!
7Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni;
abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,
bakwahlule;
abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho;
akakho oluqondayo.
8 “Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomi
ngalolo suku,” usho uJehova,
“nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?
9Amaqhawe akho, Themani,
ayakuphela amandla,
ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.
10 Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe,
amahloni ayakukusibekela,
unqunywe kuze kube phakade.
11 Ngosuku owema kude ngalo,
ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,
nabezizwe bangena ngamasango akhe,
benza inkatho ngeJerusalema,
nawe wawunjengomunye wabo.
12 Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe,
ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo,
ungaqhalazi ngosuku losizi.
13 Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo,
ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo,
ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.
14Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,
ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.
15 “Ngokuba usuku lukaJehova lusondele
ezizweni zonke;
njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;
izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16 Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,
bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,
baphuze, bagwinye,
babe njengokungathi abazange babe khona.
17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo,
ibe ngcwele,
nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.
18 Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo,
indlu kaJosefa ibe yilangabi,
indlu ka-Esawu ibe ngamabibi,
bawashise, bawaqede;
akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,”
ngokuba uJehova ukhulumile.
19Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu,
nabasehlanzeni ifa lamaFilisti,
badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya,
uBenjamini adle iGileyadi.
20 Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli
abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati
nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi
bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.
21 Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni
ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu,
umbuso besewuba ngokaJehova.

Currently Selected:

U-Obadiya 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy