YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 13

13
Izinhloli eziyishumi nambili
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.”
3 UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli. 4Lawa angamagama abo:
Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri.
5Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori.
6Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.
7Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa.
8Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni.
9Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu.
10Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi.
11Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.
12Owesizwe sakwaDani: u-Amiyeli indodana kaGemali.
13Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
14Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.
15Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki.
16Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.
17UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni, 18nibone izwe ukuthi linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini, 19nokuthi izwe abakhe kulo linjani, noma lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu* noma yizinqaba, 20nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.
21Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati. 22Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe. 23 Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane. 24 Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona. 25Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.
26Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe. 27Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo. 28Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona. 29U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”
30UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”
31Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.” 32Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo. 33 Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”

Currently Selected:

UNumeri 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy