YouVersion Logo
Search Icon

UNehemiya 7

7
Ukumiswa kwabalindi
1Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi, 2ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi. 3Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”
4Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa. 5 UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:
6Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo, 7abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana.
Abokuqala ababuya eBabele
Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku: 8abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili; 9abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili; 10abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili; 11abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili; 12abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane; 13abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu; 14abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha; 15abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili; 16abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili; 17abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili; 18abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa; 19abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa; 20abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu; 21abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; 22abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili; 23abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane; 24abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili; 25abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.
26Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili; 27amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; 28amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili; 29amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu; 30amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye; 31amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili; 32amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu; 33amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili; 34abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane; 35abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili; 36abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu; 37abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye; 38abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.
39Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu; 40abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili; 41abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa; 42abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
43AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.
44Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.
45Abalindisango: abantwana bakwaShalumi,
nabantwana bakwa-Atheri,
nabantwana bakwaThalimoni,
nabantwana bakwa-Akubi,
nabantwana bakwaHathita,
nabantwana bakwaShobayi:
yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.
46AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
47nabantwana bakwaKerosi,
nabantwana bakwaSiya,
nabantwana bakwaPhadoni,
48nabantwana bakwaLebana,
nabantwana bakwaHagaba,
nabantwana bakwaShalimayi,
49nabantwana bakwaHanani,
nabantwana bakwaGideli,
nabantwana bakwaGahari, 50nabantwana bakwaRewaya,
nabantwana bakwaResini,
nabantwana bakwaNekhoda,
51nabantwana bakwaGazamu,
nabantwana bakwa-Uza,
nabantwana bakwaPhaseya,
52nabantwana bakwaBesayi,
nabantwana bakwaMehuni,
nabantwana bakwaNefushesimi,
53nabantwana bakwaBakibuki,
nabantwana bakwaHakufa,
nabantwana bakwaHarihuri,
54nabantwana bakwaBasiluthi,
nabantwana bakwaMehida,
nabantwana bakwaHarisha,
55nabantwana bakwaBarikhosi,
nabantwana bakwaSisera,
nabantwana bakwaThema,
56nabantwana bakwaNesiya,
nabantwana bakwaHathifa.
57Abantwana bezinceku zikaSolomoni:
ngabantwana bakwaSothayi,
nabantwana bakwaSofereti,
nabantwana bakwaPherida, 58nabantwana bakwaJahala,
nabantwana bakwaDarikoni,
nabantwana bakwaGideli,
59nabantwana bakwaShefathiya,
nabantwana bakwaHathili,
nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi,
nabantwana bakwa-Amoni.
60Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.
61Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini: 62abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.
63Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
64Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini. 65Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.*
66Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha, 67ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu. 68Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu; 69amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
70Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu. 71Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva. 72Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.
73Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo.
Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.

Currently Selected:

UNehemiya 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy