YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 9

9
1Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla.”
Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni
(Math. 17:1; Luk. 9:28)
2Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. 3Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. 4Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu.
5Wathatha uPetru, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” 6Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu.
7 Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”
8Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.
9Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. 10Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.
11 Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”
12 Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? 13 Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.”
Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane
(Math. 17:14; Luk. 9:37)
14Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. 15Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.
16Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?”
17Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. 18Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
19Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”
20 Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.
21Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?
Wathi: “Kwasebuntwaneni. 22Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”
23 UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
24Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”
25UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”
26Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” 27Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.
28Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
29Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”
UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe
(Math. 17:22; Luk. 9:43)
30Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu, 31 ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.” 32Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.
Ubukhulu obuyibo nezikhubekiso
(Math. 18:1; Luk. 9:46)
33Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” 34Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.
35Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”
36Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: 37“Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”
38 UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”
39Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. 40Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. 41Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. 42Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle. 43Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili, 44lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 45Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili, 46lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 47Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili, 48 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 49Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo.
50 “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

Currently Selected:

NgokukaMarku 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy