YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 6

6
UJesu udelelwa ngabaseNazaretha
(Math. 13:53; Luk. 4:16)
1Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. 2Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni.* Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na? 3 Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.
4 Wayesethi kubo uJesu: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.” 5Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa. 6 Wamangala ngokungakholwa kwabo.
Wahamba imizi ngemizi efundisa.
Ukuthunywa kwabaphostoli
(Math. 10:1; Luk. 9:1)
7 Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo. 8Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni, 9kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili. 10Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona. 11 Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”
12Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke. 13 Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.
Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi
(Math. 14:1; Luk. 9:7)
14Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.
15Kodwa abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.”
16Kepha uHerode ekuzwile wathi: “UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.”
17 Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye. 18 Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukuthatha umkamfowenu.” 19Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla, 20ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.
21Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile, 22kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.” 23Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”
24Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”
Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
25Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
26Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela. 27Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni. 28Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina. 29Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.
UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu
(Math. 14:13; Luk. 9:12; Joh. 6:1)
30Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile. 31 Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.
32Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa. 33Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela. 34 Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.
35 Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; 36bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
37Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”
Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”
38Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”
Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba. 40Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. 41Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. 42Badla bonke, basutha. 43Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. 44Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.
UJesu uhamba phezu kolwandle
(Math. 14:22; Joh. 6:16)
45Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku. 46Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.
47Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. 48Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo. 49Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. 50Ngokuba bonke bambona, bethuka.
Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” 51Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. 52Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
53Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini. 54Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane. 55Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona.
56Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

Currently Selected:

NgokukaMarku 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy