YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 3

3
UJesu uphilisa ngesabatha
(Math. 12:1; Luk. 6:6)
1Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo. 2Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala. 3Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”
4Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.
5Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. 6 AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.
7UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, 8 naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. 9Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, 10ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. 11 Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” 12 Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.
Ukukhethwa kwabaphostoli
(Math. 10:1; Luk. 6:12)
13Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. 14Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, 15babe namandla okukhipha amademoni. 16 Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru, 17 noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma; 18no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, 19noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
Isono sokuhlambalaza
(Math. 12:22; Luk. 11:14)
20Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa. 21Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.
22Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”
23Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na? 24Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. 25Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. 26NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. 27Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. 28 Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, 29kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” 30Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.
Izihlobo eziyizo zikaJesu
(Math. 12:46; Luk. 8:19)
31Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. 32Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.”
33Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?”
34Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu. 35Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Currently Selected:

NgokukaMarku 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy